SlideShare una empresa de Scribd logo
1 de 13
Assignment YesiZulu
2015
UKUVEZWA KWABALINGISWA
NONHLANHLA MANANA 201310817
[COMPANY NAME] | [Companyaddress]
Ukuvezwa kwabalingiswa kunoveli Inkinsela yaseMgungundlovu
Impela kungumbono ongephikiswe ukuthi abalingiswa bakule noveli ethi “Inkinsela
YaseMgungundlovu” babumbeke ngendlela ehlabahlosile, umlobi usebenzise
ubuhlakani obunzulu ukuveza abalingiswa bakhe. UNyembezi abalingiswa bakhe
ubabumbe ngezindlela ezahlukahlukene ngenhloso yokuphumelelisa indaba yakhe.
Laba balingiswa abalandelayo ngezansi bangumhlahlandlela wempumelelo wenoveli.
Lombhalo olandelayo uzohlaziya, uphinde ugxile ezindleleni ezisetshenziswe ngumbhali
ukubumba abalingiswa bakhe.
U-Hawthorn (1987: 40) uveza ukuthi “ a writer explain a character in a way that may be
associated with actions or objects for a purpose connected with the theme of the novel;
a character may say things just so that the reader can be told something”. Ngokuchaza
kukaHawthorn ukubunjwa kabalingiswa kunoveli kungahlanganiswa nezenzo zabo
noma nokuthile okuxhumene nokwakheka kwaloyomlingiswa kanye nokwakheka
kwesihloko sendaba okanye indikimba yendaba. Lokhu kunika umfundi wendaba ithuba
lokuthi esheshe eqonde ubunjalo bomlingiswa othile. Ngakhoke lendlela yokubunjwa
kwabalingiswa uNyembezi ayisebenzisile ibonisa ikhono elihle kakhulu lokubumba
abalingiswa. Ubunjalo bomlingiswa buvezwa indlela akhuluma ngayo kanye
nangendlela agqoka ngayo
NDEBENKULU
Umnumzane Ndebenkulu ungumlingiswa osemqoka kakhulu endabeni. Nguyena uqobo
lo okuthiwa yinkinsela yeseMgungundlovu. Uma sifunda indaba sithola ukuthi
umnumzane Ndebenkulu wasuka eMgungundlovu waya endaweni esemaphandleni
ebizwa ngokuthi iNyanyadu ngenhloso yokusiza abantu ngokubathengisela izinkomo
zabo kubelungu ukuze bazothola inzuzo. UMnumzane uNdebenkulu sithola ukuthi
wayeluhlaza ngebala, enobuso obulolongekile, umlomo ocijile owawunezinyo
elalilikhulu kunamanye, elalivele ngaphandle komlomo. Umnumzane lona ubuye
avezwe njengomuntu owayefundile kakhulu nowayedla izambane likapondo. Lokhu
kufakazelwa yizimpahla umbhali athi wayezigcoka. Wayegcoka izimpahla ezibukeka
zidula kakhulu kusukela ekhanda kuya ezinyaweni. Siyathola futhi ukuthi
wayenezimoto,okukhombisayo ukuthi wayedla izambane likapondo.
Nendlela wayebhale ngayo incwadi ayeyibhalele uMkhwanazi iyakhombisa ukuthi
wayengumuntu ofundile. Uvezwa njengomuntu othanda kakhulu ukuzikhukhumeza
belu ngoba uma ekhuluma njalo akakhohlwa ukugcizelela ukuthi yena uyisikwaya futhi
ngumuntu ohloniphekile kakhulu, ngisho nabelungu bamhlonipha kabi. “Nyembezi in
Inkinsela YaseMgungundlovu uses Ndebenkulu, a flat character, in order to further his
plot. Nyembezi designates Ndebenkulu as a rogue in order to explain how rural simple
and naive people can be exploited by such unscrupulous persons as Ndebenkulu” Ntuli
(1998).
Lokhu kufakazelwa yilapho ethi khona “mina Nkosikazi ngazana nabelungu abakhulu.
Ngiyabhalelana futhi nabo. Bathi uma bengibhalela bangakulibali mpela mpela ukuba
babeke ukuthi isikwaya emva kwegama lami” Nyembezi (1961: 33).Yonke into
khulunywa uNdebenkulu kubonisa ukuthi ubhekela abanye abantu phansi, njengoba
simthola endabeni esegxeka indawo yaseNyanyadu, abantu bakhona, indawo kanye
nendlela abaphila ngayo.
UNdebenkulu uvezwe njengomuntu ongenabo ubuntu yize yena eziveza njengomuntu
onobuntu, ozimisele ukusiza abantu ukuba bathuthuke, babe nenqubekela phambili
empilweni, kepha izenzo zakhe zisivezela ngokusobala ukuthi akusiyena lomuntu
aziveza ukuthi unguyena ebantwini. Uziveza njengomuntu onemali futhi owazana
nabelungu abakhulu, abasezingeni eliphezulu, kanti futhi olethe usizo kubantu base
Nyandunyandu kanti uze ngobugebengu. Umnumzane Ndebenkulu uyindoda
ezethembayo futhi enomlomo omnandi, noma ekhuluma amanga akakekho obonayo
noma omsolayo ukuthi amanga; yonke into ephuma ngomlomo wakhe ibukeka futhi
izwakala iyiqiniso emadlebeni abantu akhuluma kubo. Endabeni sibuye sivezelwe
ukuthi uNdebenkulu lona ungumuntu ozethembayo futhi onamaqhinga anzulu okwenza
ukuba abantu bamethembe, lokhu sikubona endabeni lapho ehlangene namadoda,
ezowazisa ngenhloso yakhe yokuza kulendawo, sithola efundisa uMkhwanazi incwadi
athi ivela kumfelokazi owayezibongela kuye njengoba phela emsizile. Yonke into
ayikhulumayo uyayigcizelela abuye ayiphindaphinde ngenhloso yokuthi labo akhuluma
nabo bamkholwe kulokhu akushoyo, futhi bangakungabazi. Ukukhombisa khona ukuthi
ungumuntu ohlezi ecabanga amaqhiinga, siyavezelwa ukuthi uhlale aphotha amadevu
akhe, okukhombayo ukuthi usuke ecabanga amaqhinga ngaso sonke isikhathi.
UMKHWANAZI
UMkhwanazi singasho naye ukuthi ungumlingiswa osemqoka endabeni, njengoba
kunguyena obhekane nenkinga kakhulu endabeni. Ungumnumzane wekhaya, ngubaba
kaThemba noThoko aphinde abe ngumyeni kaMaNtuli. Uvezwa ngengomnumzane
owayeseqinile. Indlela agcoka ngayo ikhombisa ukuthi yindoda ezithandela umsebenzi
wezandla, imfuyo yakhe kanye nokulima. Emphakathini aphila kuwo waziwa
njengendoda ehloniphekile ethembekile kanye neqotho kunawo wonke amadoda
endawo. Lokhu kufakazelwa yikho ukuthi nguyena owabhalelwa incwadi
nguNdebenkulu,kunawo onke amadoda endawo. Sibuye sibone nangodaba luka
mnumzane Shandu, naye owanela ukuzwa ukuthi uMkhwanazi uyazihambisa izinkomo
zakhe naye wavumela phezulu ngezakhe njengoba phela ebona uMkhwanazi enza
njalo njengoba phela kungumuntu ababemethemba kakhulu ukuthi uhlezi ethatha
izinqumo ezihlakaniphile. Ubuye avezwe njengomuntu ongafuni ukutshelwa futhi
onguthathekile nje. Lokhu kubonakala lapho uNdebenkulu ekhuluma ngomkomelo
ayezowuthola uma nje engavuma ukuthi uNdebenkulu amthengisele izinkomo zakhe.
Umkhwanazi uma ezwa lokhu wavumela phezulu ukunika uNdebenkulu izinkomo
zakhe ukuba amuthengisele zona.
Indlela uNyembezi athule ngayo uMkhwanazi umenze waba umlingiswa oyisicaba,
ngoba evezwa njengomuntu ongaguquki entweni ayishoyo, kwala ngisho eseboniswa.
Kusuka indaba iqala ize iyofika emaphethelweni akakaze nangelilodwa ilanga leli
aguqule umqondo wakhe. Lokhu kufakazelwa ukuthi waze wacishe walahlekelwa
izinkomo zakhe ngakho ukungafuni ukutshelwa. Sibuye sivezelwe ukuthi uMkhwanazi
lona wayengafundanga, ugcine kuStd 4 njengoba phela wafundwa ngezinkathi
zasendulo lapho kwakufundwa kugcinwe kulawo mabanga aphansi.
UMANTULI
UMaNtuli ungumlingiswa ongaqondakali ukuthi ungumuntu onjani ngakho ke
ngingambeka njengomlingiswa oyindilinga. Ungumuntu ohlale eguquka nje akahlali
entweni eyodwa futhi onolaka ngempela. Okumveza njengomuntu ongathembekile.
Ungumlingiswa oyiphixixi, ngamanye amazwi uzishaya ngapha nangapha.
Sizokhumbula ukuthi mhla kufika incwadi evela kuNdebenkulu ebazisa ngokuthi
uzofikela ekhaya kwaMkhwanazi, wayejabule kakhulu ngaleyondaba yokuhanjelwa
yisihambi esisezingeni eliphakeme kakhulu; kepha uma sesifikile leso sihambi ekhaya
lakhe, indlela ayezizwa ngayo iyashintsha. Kuyavela endabeni ukuthi UMnumzane
Ndebenkulu phela wathi uma efika ekhaya lakwaMkhwanazi uye wavelelwa yishwa
lokuthi uma ethi uzama ukwehla ekalishini, wavele wawa wadabukelwa impahla yakhe
athi iyabiza. Ubese elandisa umaNtuli indlela ayezizwa ngayo ngalesi sehlakalo,
njengomama wekhaya. Amazwi akaNdebenkulu amthukuthelisa kakhulu umaNtuli,
wahluleka nokuzibamba, waluveza ulaka lwakhe.
Lokhu kusekelwa yilawa mazwi acaphunwe endabeni; “uyabona Nkosikazi,”kusho
umfokaNdebenkulu ephimisa inhlabathi emlonyeni ezithintitha ijazi nebhulukwe.
“Bengisasho-ke Nkosikazi ngithi iyo le nto ebengisayisho endleleni, ngishilo
kulendodana yakho ngathi ukube bengazi ngabe ngize ngemoto yami. Angisiye mina
umfokazana wokuba ngingakhwezwa izinqola lezi enithi amakalishi, angisiye neze. Ake
ubheke lapha senginjani” (Nyembezi 1961; 33)Lawo amanye amazwi acasula umaNtuli
nokwamenza ashintshe imizwa yakhe ngesihambi lesi, asibone ngenye indlela manje.
Siyathola nokuthi ubengasafuni nokuthi singene emzini wakhe. Ukufika kuka
mnumzane Ndebenkulu kwamshintsha ngempela uMaNtuli. Umbhali ubuye asivezele
ekuqhubekeni kwendaba ukuthi umaNtuli lona bekasavumelana nemibono wakhe
lomlisa bekamthukuthelele kangaka, engafuni lutho ezomhlanganisa naye. Kuthe ezwa
elemali eyizizumbulu eyayithenjiswa uNdebenkulu ,uMaNtuli wavele wema
nowakwakhe ukuba kuthengiswe izinkomo. Sithi sisabheke lokho, simthola
esevumelana noThemba ukuthi uNdebenkulu lona uyisigebengu. Umbhali ubuye
asivezele lapho esebhokela izingane zakhe ngolaka ethi azihloniphi ngenxa yalo udaba
lokuthi babengamzwisisi kahle uNdebenkulu lona. umaNtuli lona singamveza
njengomuntu ukhohliseka kalula futhi ongazazi ofunani nokuthi umephi. Ngenkathi ezwa
ngezizumbulu zemali ababezozithola nomyeni wakhe, wavele wavumela phezulu,
akabe esafuna lutho oluvela kwindodana yakhe uThemba, wayembona ekhuluma into
engekho nje futhi ezama ukubaphazamisa endleleni yabo yempumelelo. Kanti ubuye
ajike futhi uma esebona iphepha elifika noThemba. Lokhu kwenza singamqondi kahle
ukuthi uyisima kanjani lomlingiswa okusho ukuthi umbaxambili.
UTHEMBA
UThemba kwakuyingane/izibulo lomnumzane Mkhwanazi nowakwakhe umaNtuli.
Wayeyinsiswa eyayiyohlanganisa amashumi amabili eminyaka. Uyingane eyayihlonipha
kakhulu futhi emaziyo umuntu omdala kuye. Lokhu kufakazelwa ukuzama ukuhlonipha
nokubekezelela uNdebenkulu owayesemcasule kabi ngenkathi eyomhlangabeza
esiteshini ngenxa yendlela eyakhuluma ngayo futhi emubukela phansi kanye nendawo
yangakubo ngakhona, elokhu emuchoshela ngobukhulu bakhe nangezinto ayenazo.
Lomlingiswa naye wayeyithanda kakhulu imfuyo, njengoba phela wakhulela khona
lapha emakhaya. uThemba lona ubuye avezwe njengomuntu owayefundile, njengoba
phela siyathola ukuthi wayefunda ekholiji futhi nendlela wayegcoka ngayo
yayikukhombisa lokho. Ukufunda kwakhe kuyakhombisa ukuthi kwamenza
wahlakanipha kakhulu futhi kwamfundisa ukucabanga ngobunzulu nokuhlaziya izinto
ngaphambi kokuthatha izinqumo ngento ethile. Lokhu sikubona ngokuthi akazange
amthembe uNdebenkulu, izinkulumo zakhe zazivele simsolisa kakhulu uThemba, ukuthi
lo muntu kukhona okungahambi kahle ngaye kusukela esaqala ukumbona nje. Kodwa
lokho azange kwamenza ukuba amxwaye kepha wathatha isikhathi sakhe wamhlaziya
kahle ngaphambi kokuthatha isinqumo ngaye.
Lona mlingiswa singamthatha njengomlingiswa oyisicaba, ngoba phela selokho indaba
iqalile, akaguquki entweni ayishoyo. Siyavezelwa nokuthi uzama ngakho konke
okusemandleni akhe ukuvikela umndeni wakhe, ikakhulukazi abazali bakhe
kulesigebengu esingumnumzane Ndebenkulu, okumveza njengomuntu onothando
olukhulu futhi owunakekelayo umndeni wakhe. Lokhu sikuthola lapho ezama
ukuxwayisa abazali bakhe ngobungozi abubona sengathi buza
noNdebenkulu.UThemba ungumlingiswa onobuhlakani, indlela akukhuluma ngayo,
ahlaziya ngayo izinto. Kanti nendlela agqoka ngayo umbhali usivezele ukuthi usegqoka
amabhulukwe amade lokho kusho ukukhula kwakhe kanye nakho belu ukuhluzeka
kwenqondo. Ukubunjwa kwakhe singasho sithi kuyahambelana ncamashi negama
lakhe. Siyavezelwa ukuthi nguyena owabuya nephepha elavula umama wakhe
umaNtuli amehlo ukuba abone ukuthi uNdebenkulu lona wayengalunganga.
Okukhombayo ukuthi wayehlakaniphile kakhulu futhi ekwazi ukuyimela into akholelwa
kuyo. Endabeni kusuka ekuqaleni kuya ekuphethweni kwayo yilokhu ezamile enza
izaba zokuba abazali bakhe bagcine bekubona ubungozi bokuthemba umuntu
ongamazi. Uze ubaphathela iphephandaba ukuba babheme bakholwe ngezigilamkhuba
esezikhona.Yize zonke lezo zaba azenzayo zifana nokuthela amazi emhlane wedada
kepha ulokhu eqhubekile ngoba ephokophele ukuba abazali bakhe bangalinge bangene
kulolutaku, ikakhulu ubaba wakhe osekhomba ukumthandaza uNdebenkulu.
Lomlingiswa uyakuveza ukukhathazeka kwakhe okukhulu lapho esebona ukuthi nangu
uyise esezolahla umgexo aphisane ngemfuyo yakhe engaka ngento engekho nje.
UThemba singabuye simveze njengomutnu okwaziyo ukubekezela, akalilahli neze
ithemba, noma izinto zibuxayi kangakanani. Yize wayethatheka kabi kubazali bakhe
ngenkathi ezama ukubabonisa ubungozi bukaNdebenkulu, kepha ekugcineni liyavela
iqiniso elifakazela kona impela ukuthi elempohlo liziwa muva. Ngendlela uNyembezi
abumbe ngayo lomlingiswa, ukuveza kube sobala ukuthi ngesinye isikhathi abazali
baye bazixwaye izingane zabo, bazibukele phansi, beye uqobo ngisho zibasindisa
ezindleleni ezibaholela ophathe. Lokhu kuyingxenye yesifundo esisitholayo endabeni,
ukuthi kubalulekile ukulalela imibono yabanye abantu, akubalulekile ukuba badala noma
bancane, bangahle babe usizo olukhulu empilweni yakho. Impela basuke beqinisile
uma bethi abantu abayi nganxanye bengemanzi, ngoba ukube wayengekho uThemba
ngabe uMkhwanazi wasala dengwane, yeka izinkabi zakhe ezingaka eyeyolahlekelwa
yizo.
UTHOKO
Ungudadewabo kaThemba,indodakazi kaMkhwanazi noMaNtuli. Nakuba engeyena
umlingiswa obalulekile kakhulu noma ongagqamanga kulendaba, kodwa ngibone
kubalulekile ukuba ngithi qaphuqaphu ngaye ngoba indaba yenzeka noma ithinta
kakhulu umndeni wakubo. UThoko kule ndaba uvezwa njengomuntu owayemi
ohlangothini lomfowabo njengoba phela wayengahambisani nezenzo zikaNdebenkulu.
Singamveza naye njengomliswa owayengakhohliseki kalula ngoba phela nakhu
simthola engagculiseki ngenkulumo kaNdebenkulu, yokuthengisa izinkomo zikayise
ngaphandle kobufakazi obunzulu. Indlela avezwe ngayo uThoko ngingasho kugcwale
umlomo ukuthi uvezwe njengomuntu owayenenhlonipho kakhulu futhi omaziyo umuntu
omdala kunaye njengomfowabo uThemba. Lokhu kufakazelwa yikho ukuthi noma
esezwa ukuthi uyadinwa amagama kaNdebenkulu eyawasho kumfowabo nomama
wakhe, wavele wazithoba nje. Noma iqhubeka indaba kuyavela ukuthi bekubonakala
noThemba umfowabo ukuthi kukhona abangakutholisisi kahle ngomnumzane
uNdebenkulu, kodwa bebeqhubeka bebonisa inhlonipho kuye, nakuba bengamuthembi
futhi bangayijabuleli indlela wayenza ngayo izinto.
Umlobi ubuye aveze ukuthi uThoko wayemkhonze kakhulu umama wakhe, kwazise
phela wayemuthemba kakhulu, emuhlonipha futhi elalela iziyalelo zakhe. Indlela
uThoko unyembezi amubumbe ngayo, iyakuqhakambisa ukuthi ungumuntu okhulele
emakhaya, unenhlonipho futhi uyakwenza konke okuthiwa makakwenze ekhaya. Lokhu
kungafakazelwa yilapho kuthiwa makaphekele uNdebenkulu yize ubesebacasulile
kakhulu ekhaya kodwa ngoba kwakukhulume umzali wakhe, akali lutho. Yize
wayembona ukuthi uNdebenkulu lona wayeyisichwensi, kepha ngoba ihlonipha nalapho
ingayukwendela khona, wayemenzela konke okufanale ukuba amenzele kona, inkani
eyalelwe abazali bakhe ukuba akwenze.
ABANYE ABALINGISWA ABASENDABENI
Bakhona ke nabanye abalingiswa uNyembezi abasebenzisile ekubhaleni indaba yakhe
ukuze ibe yimpumelelo. Abalingiswa abafana noMaShezi, uDiliza, uMpungose kanye
noShandu. Laba abanye babalingiswa abavelayo endabeni. Yize bengagqamile kodwa
amagama abo ayaphatheka endabeni, okuyinye yezinto eyenze indaba kaNyembezi ibe
sezingeni eliphezulu. Ngamanye amazwi ngingasho ngithi laba abalingiswa baseka
abalingiswa abakhulu.
USHANDU
Lomlingiswa uvezwa njengomuntu oyisicaba. Uyashintshashintsha kukho konke
akakushoyo. Emhlanganweni wokuqala wayenemibuzo eyaze yenza isigilamkhuba
esinguNdebenkulu ukuba sibone ukuthi kunzinyana ukuba angazuza lamadoda
eseNyandunyandu ukuba avumelane necebo lakhe. Ekuqaleni kwendaba uvezwa
njengomuntu ewayethanda iqiniso futhi othanda izinto zihambe ngomthetho. Siyathola
ukuthi ngesikhathi somhlangano, wakhwela edilika kuMkhwanazi emubuza ukuthi
ngabe naye sewaba yinkosi yini njengoba ehlele umhlangano ngaphandle kwemvumo
yenkosi yaseNyandunyandu. Lokhu wayekusho mayelana nesenzo esingalungile
esenziwa ngu-Mkhwanazi, ekubeni eyisithenjwa kangaka nje endaweni; wabiza
umhlangano ngaphandle kwemvume yenkosi. Lesisenzo sikaShandu sasikhomba
ukuba ungumuntu wamaqiniso kanti futhi ke nemibuzo ayeyibuza kulomhlangano
beyikhomba ukuthi akayizwisisi kahle nalento eyayishiwo nguNdebenkulu futhi
akahambisani nayo neze.
Kodwa ngenxa yokuthanda imali, uShandu ungumlimlingiswa ogcina eselibala ukuthi
uNdebenkulu ubabophela amanqina enyathi. Wathi uma ezwa izizumbulu zemali
eyekhuluma ngazo uNdebenkulu, wakhohlwa konke, wabe esevumelana naye necebo
lakhe. Lokhu kuyakhomba ukuthi wayeyikhonze kakhulu imali lomlingiswa. Kuyiqiniso
ngempela ukuthi imali yimpande yesono. UShandu impela ebebukeka njengendoda
eqotho, yasemakhaya, ewuhloniphayo kakhulu nomthetho wenkosi. Lokhu
kusagqamisa kona ukuthi amadoda asemakhaya lawa asabuqhakambisa ubuntu
nenhlonipho. Kodwa siyathola futhi ukuthi ngenxa yokungabi nolwazi kanye nokulingwa
yimali nokufuna ukuphila impilo engcono nesezingeni eliphakeme, udela konke
ayekholelwa kukho. Singasho ukuthi naye ungumuntu othatheka kalula nje. Kanti ke
iqiniso yikho ukuthi iningi labantu lingenza noma yini ngenxa yemali. Ukuba
uNdebenkulu akazange agabisele uShandu ngesheke elinezishaqane zezimali ngabe
akazange acishe alahlekelwe izinkomo zakhe uMthiya, kepha-ke ngoba imali ayiluthezi
olunenkume, walutheka umtaka Mbatha.
BUTHELEZI
Lomlingiswa singasho ukuthi ungumuntu onobuhlakani kakhulu futhi
ongasinguthathekile. Ngaphambi kokwenza izinto noma athathe izinqumo, uqale
afunisise kahle. Naye wayenokungabaza okukhulu ngecebo likaNdebenkulu futhi
angalinambithisisi kahle. Siyathola ukuthi uyazama ukumxwayisa umnumzane uShandu
ngalecebo likaNdebenkulu ukuthi lingaba yingozi. Kwakungavumi neze ukuba ahambise
ezakhe izinkomo, kepha alizange limufulathele elakubo ngempela. Nokho naye
zazimfikehla zizinhle izindaba zezizumbulu zemali ababezozithola uma bengavumelana
nalokho bekuvezwa ngumnumzane uNdebenkulu, kodwa wakwazi ukuzithiba. Ukube
uShenge wavumela okwakumufikela naye ngabe wagcina esegcwala amathafa ejaha
isigilamkhuba esingu Ndebenkulu njengoShandu noMkhwanazi. Lona ngumlingiswa
okholwa ngokubona njengoThomas wasebhayibhelini. Uze udela ubuthongo bakhe
ubophela amahhashi akhe naye ulibangisa khona le eThisayidi ukuyozibonela
ngawakhe ukuthi ngempela ziyahamba yini izinkomo zalamadoda, njengoba phela
wona ayesevumile ukusebenzisana noNdebenkulu lowo. Ukuthatha izinto kancane
lokhu kwakhe kwamsiza kakhulu, kwamvikela kulenkinga uMkhwanazi noShandu
azithola akuyo.
UDILIZA
Lomlingiswa ubaluleke kakhulu endabeni. Ungomunye wabantu abadlala indima enkulu
kakhulu ukuze phela kugcine kubanjwa lesigilamkhuba esinguNdebenkulu.
uNdebenkulu wayemuthatha kancane nje aze amubize ngebhoxongwana kanti usho
insizwa uqobo. Naye wayengahambisani neze necebo elivezwe nguNdebenkulu futhi
wayengamunthembi lomnumzane. Singasho sithi wayeseka uThemba. Lokhu
kufakazelwa phela yindima enkulu kanye neqhaza elibalulekile akalibambile ngokuya
kwakhe kuMpungose, begcine beya nakundabezitha ukuba bayobonisana ngalolutaku
ukuze kubanjwa leliqili elinguNdebenkulu. UDilizi ulibhoxongwana elibukeleka phansi
ngokukaNdebenkulu, kepha wayenobuhlakani ngempela futhi enamacebo ahlakaniphile
enza uNdebenkulu lona agcine esebanjiwe, esebenzisana noThemba, uMpungose
kanye noButhelezi.
ISIPHETHO
Abalingiswa yibona bantu ababaluleke kakhulu endabeni nasemidlalweni ehlukene.
Ngingasho ngithi ngaphandle kwabalingiswa indaba kungaba into ethule nje engachazi
noma engasho lutho. Phela abalingiswa yibona abenza indaba ilandeleke uthi noma
uyifunda ube nomdlandla kanye nogcozi wokuqhubeka nayo. Uma ufunda indaba
enabalingiswa abanongeke kahle, ufikelwe yimibuzo ehlukahlukene kanye nezithombe
enqondweni yakho ngokusuke kwenzeka. Unyembezi ubaveze ngendlela
esemgangathweni ophezulu kakhulu abalingiswa enovelini yakhe. Lokhu kufakazelwa
ngu Forster 1974:30 uma ethi “The novelist, unlike many of his colleagues, makes up a
number of word-masses roughly describing himself ... , gives them names and sex,
assigns them plausible gestures ... and perhaps to behave consistently,”.
IMITHOMBO YOLWAZI ESETSHENZISIWE
Nyembezi, S. (1961). Inkinsela Yasemgungundluvu. Kwazulu Natal: Shuter & Shooters
Publishers (Pty) Ltd.
Forster, E.M (1974). Aspects Of The Novel And Related Writings. London: William C10wes &
Sons Ltd, , Colchester & Beccles.
Hawthorn, J. (1987).Studying The Novel An Introduction. London: Edward Arno1d (Publishers)
Ltd.
Ntuli J.H. (1998). The Conception And Evolution Of Characterization In The Zulu Novel.
Kwazulu Natal: Department Of African Languages At The University Of Zululand
Ukuvezwa kwabalingiswa

Más contenido relacionado

La actualidad más candente

Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...Simphiwe Sandile Ndlovu
 
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISMUKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISMBONGUMENZIMTSHALI1
 
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembeziUmlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembeziNhlanhla Maseko
 
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisaIzinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisalaurencia Motloung
 
Izindlela zesenzo (2)
Izindlela zesenzo (2)Izindlela zesenzo (2)
Izindlela zesenzo (2)vivian khanye
 
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)lucas Tshabalala
 
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizuluEminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizuluThendayi
 

La actualidad más candente (20)

Sicikoza ngosiba
Sicikoza ngosibaSicikoza ngosiba
Sicikoza ngosiba
 
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
 
Ukuhluza inkondlo
Ukuhluza inkondloUkuhluza inkondlo
Ukuhluza inkondlo
 
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISMUKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
 
Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)
 
Inkondlo
InkondloInkondlo
Inkondlo
 
Izinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziIzinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakazi
 
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembeziUmlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
 
Isakhiwo somdlalo
Isakhiwo somdlaloIsakhiwo somdlalo
Isakhiwo somdlalo
 
Izinkondlo1(1)
Izinkondlo1(1)Izinkondlo1(1)
Izinkondlo1(1)
 
Isifundo sezincazelo
Isifundo sezincazelo   Isifundo sezincazelo
Isifundo sezincazelo
 
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisaIzinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
 
Imikhakha
ImikhakhaImikhakha
Imikhakha
 
Izibongo zamakhosi
Izibongo zamakhosiIzibongo zamakhosi
Izibongo zamakhosi
 
ukwakheka kolimi
ukwakheka kolimiukwakheka kolimi
ukwakheka kolimi
 
Izindlela zesenzo (2)
Izindlela zesenzo (2)Izindlela zesenzo (2)
Izindlela zesenzo (2)
 
Imifanekisomqondo
ImifanekisomqondoImifanekisomqondo
Imifanekisomqondo
 
Izinkondlo (Isakhiwo)
Izinkondlo (Isakhiwo)Izinkondlo (Isakhiwo)
Izinkondlo (Isakhiwo)
 
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
 
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizuluEminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu
 

Destacado

Izinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziIzinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziNsindiso Clement
 
No.134 Uthando Olungummangaliso
No.134 Uthando OlungummangalisoNo.134 Uthando Olungummangaliso
No.134 Uthando Olungummangalisoukristuengomeni
 
Presentación Jenkins
Presentación JenkinsPresentación Jenkins
Presentación Jenkinsleylyss
 
NDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibeko
NDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibekoNDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibeko
NDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibekoLovemore Malaki
 
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.Celumusa Nkabinde
 
Ritos del café
Ritos del caféRitos del café
Ritos del caféliligvidal
 
Simple Load Rebalancing For Distributed Hash Tables In Cloud
Simple Load Rebalancing For Distributed Hash Tables In CloudSimple Load Rebalancing For Distributed Hash Tables In Cloud
Simple Load Rebalancing For Distributed Hash Tables In CloudIOSR Journals
 
Tips for better_life_m_l
Tips for better_life_m_lTips for better_life_m_l
Tips for better_life_m_lMichelle Hamer
 
Configuring Incoming Emai
Configuring Incoming EmaiConfiguring Incoming Emai
Configuring Incoming EmaiTony Rockwell
 
Premios a Safe abogados tu abogado a pie de calle premiol
Premios a Safe abogados tu abogado a pie de calle premiolPremios a Safe abogados tu abogado a pie de calle premiol
Premios a Safe abogados tu abogado a pie de calle premiolSafe Abogados
 
Integración de Tecnología - 1er año ''B''
Integración de Tecnología - 1er año ''B''Integración de Tecnología - 1er año ''B''
Integración de Tecnología - 1er año ''B''Mily489
 

Destacado (20)

Izinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziIzinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakazi
 
Izinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziIzinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakazi
 
Imbongi zika zulu
Imbongi zika zuluImbongi zika zulu
Imbongi zika zulu
 
No.134 Uthando Olungummangaliso
No.134 Uthando OlungummangalisoNo.134 Uthando Olungummangaliso
No.134 Uthando Olungummangaliso
 
Presentación Jenkins
Presentación JenkinsPresentación Jenkins
Presentación Jenkins
 
Imbongi zalamuhla
Imbongi zalamuhlaImbongi zalamuhla
Imbongi zalamuhla
 
NDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibeko
NDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibekoNDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibeko
NDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibeko
 
No.56
No.56No.56
No.56
 
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
 
Ulimi lwesizulu ulimi lwasekhaya
Ulimi lwesizulu ulimi lwasekhayaUlimi lwesizulu ulimi lwasekhaya
Ulimi lwesizulu ulimi lwasekhaya
 
Ritos del café
Ritos del caféRitos del café
Ritos del café
 
Simple Load Rebalancing For Distributed Hash Tables In Cloud
Simple Load Rebalancing For Distributed Hash Tables In CloudSimple Load Rebalancing For Distributed Hash Tables In Cloud
Simple Load Rebalancing For Distributed Hash Tables In Cloud
 
Snow Motion Graphic Portfolio
Snow Motion Graphic PortfolioSnow Motion Graphic Portfolio
Snow Motion Graphic Portfolio
 
Tips for better_life_m_l
Tips for better_life_m_lTips for better_life_m_l
Tips for better_life_m_l
 
Händlerliste.pdf
Händlerliste.pdfHändlerliste.pdf
Händlerliste.pdf
 
Configuring Incoming Emai
Configuring Incoming EmaiConfiguring Incoming Emai
Configuring Incoming Emai
 
Actualidad Berriak 40
Actualidad Berriak 40Actualidad Berriak 40
Actualidad Berriak 40
 
Premios a Safe abogados tu abogado a pie de calle premiol
Premios a Safe abogados tu abogado a pie de calle premiolPremios a Safe abogados tu abogado a pie de calle premiol
Premios a Safe abogados tu abogado a pie de calle premiol
 
Integración de Tecnología - 1er año ''B''
Integración de Tecnología - 1er año ''B''Integración de Tecnología - 1er año ''B''
Integración de Tecnología - 1er año ''B''
 
EDICIÓN 217 El Comercio del Ecuador
EDICIÓN 217 El Comercio del EcuadorEDICIÓN 217 El Comercio del Ecuador
EDICIÓN 217 El Comercio del Ecuador
 

Último

Castellà parelles 2n - Abril i Irina.pdf
Castellà parelles 2n - Abril i Irina.pdfCastellà parelles 2n - Abril i Irina.pdf
Castellà parelles 2n - Abril i Irina.pdfErnest Lluch
 
RESOLUCION DEL SIMULACRO UNMSM 2023 ii 2.pptx
RESOLUCION DEL SIMULACRO UNMSM 2023 ii 2.pptxRESOLUCION DEL SIMULACRO UNMSM 2023 ii 2.pptx
RESOLUCION DEL SIMULACRO UNMSM 2023 ii 2.pptxscbastidasv
 
Català parelles 3r - Emma i Ariadna (1).pdf
Català parelles 3r - Emma i Ariadna (1).pdfCatalà parelles 3r - Emma i Ariadna (1).pdf
Català parelles 3r - Emma i Ariadna (1).pdfErnest Lluch
 
ClimART Action | eTwinning Project
ClimART Action    |    eTwinning ProjectClimART Action    |    eTwinning Project
ClimART Action | eTwinning ProjectNuckles
 
Saunanaine_Helen Moppel_JUHENDATUD SAUNATEENUSE JA LOODUSMATKA SÜNERGIA_strat...
Saunanaine_Helen Moppel_JUHENDATUD SAUNATEENUSE JA LOODUSMATKA SÜNERGIA_strat...Saunanaine_Helen Moppel_JUHENDATUD SAUNATEENUSE JA LOODUSMATKA SÜNERGIA_strat...
Saunanaine_Helen Moppel_JUHENDATUD SAUNATEENUSE JA LOODUSMATKA SÜNERGIA_strat...Eesti Loodusturism
 
Català Individual 3r - Víctor.pdf JOCS FLORALS
Català Individual 3r - Víctor.pdf JOCS FLORALSCatalà Individual 3r - Víctor.pdf JOCS FLORALS
Català Individual 3r - Víctor.pdf JOCS FLORALSErnest Lluch
 
محاضرات الاحصاء التطبيقي لطلاب علوم الرياضة.pdf
محاضرات الاحصاء التطبيقي لطلاب علوم الرياضة.pdfمحاضرات الاحصاء التطبيقي لطلاب علوم الرياضة.pdf
محاضرات الاحصاء التطبيقي لطلاب علوم الرياضة.pdfKhaled Elbattawy
 

Último (8)

Castellà parelles 2n - Abril i Irina.pdf
Castellà parelles 2n - Abril i Irina.pdfCastellà parelles 2n - Abril i Irina.pdf
Castellà parelles 2n - Abril i Irina.pdf
 
RESOLUCION DEL SIMULACRO UNMSM 2023 ii 2.pptx
RESOLUCION DEL SIMULACRO UNMSM 2023 ii 2.pptxRESOLUCION DEL SIMULACRO UNMSM 2023 ii 2.pptx
RESOLUCION DEL SIMULACRO UNMSM 2023 ii 2.pptx
 
Català parelles 3r - Emma i Ariadna (1).pdf
Català parelles 3r - Emma i Ariadna (1).pdfCatalà parelles 3r - Emma i Ariadna (1).pdf
Català parelles 3r - Emma i Ariadna (1).pdf
 
ClimART Action | eTwinning Project
ClimART Action    |    eTwinning ProjectClimART Action    |    eTwinning Project
ClimART Action | eTwinning Project
 
Díptic IFE (2) ifeifeifeife ife ife.pdf
Díptic IFE (2)  ifeifeifeife ife ife.pdfDíptic IFE (2)  ifeifeifeife ife ife.pdf
Díptic IFE (2) ifeifeifeife ife ife.pdf
 
Saunanaine_Helen Moppel_JUHENDATUD SAUNATEENUSE JA LOODUSMATKA SÜNERGIA_strat...
Saunanaine_Helen Moppel_JUHENDATUD SAUNATEENUSE JA LOODUSMATKA SÜNERGIA_strat...Saunanaine_Helen Moppel_JUHENDATUD SAUNATEENUSE JA LOODUSMATKA SÜNERGIA_strat...
Saunanaine_Helen Moppel_JUHENDATUD SAUNATEENUSE JA LOODUSMATKA SÜNERGIA_strat...
 
Català Individual 3r - Víctor.pdf JOCS FLORALS
Català Individual 3r - Víctor.pdf JOCS FLORALSCatalà Individual 3r - Víctor.pdf JOCS FLORALS
Català Individual 3r - Víctor.pdf JOCS FLORALS
 
محاضرات الاحصاء التطبيقي لطلاب علوم الرياضة.pdf
محاضرات الاحصاء التطبيقي لطلاب علوم الرياضة.pdfمحاضرات الاحصاء التطبيقي لطلاب علوم الرياضة.pdf
محاضرات الاحصاء التطبيقي لطلاب علوم الرياضة.pdf
 

Ukuvezwa kwabalingiswa

  • 1. Assignment YesiZulu 2015 UKUVEZWA KWABALINGISWA NONHLANHLA MANANA 201310817 [COMPANY NAME] | [Companyaddress]
  • 2. Ukuvezwa kwabalingiswa kunoveli Inkinsela yaseMgungundlovu Impela kungumbono ongephikiswe ukuthi abalingiswa bakule noveli ethi “Inkinsela YaseMgungundlovu” babumbeke ngendlela ehlabahlosile, umlobi usebenzise ubuhlakani obunzulu ukuveza abalingiswa bakhe. UNyembezi abalingiswa bakhe ubabumbe ngezindlela ezahlukahlukene ngenhloso yokuphumelelisa indaba yakhe. Laba balingiswa abalandelayo ngezansi bangumhlahlandlela wempumelelo wenoveli. Lombhalo olandelayo uzohlaziya, uphinde ugxile ezindleleni ezisetshenziswe ngumbhali ukubumba abalingiswa bakhe. U-Hawthorn (1987: 40) uveza ukuthi “ a writer explain a character in a way that may be associated with actions or objects for a purpose connected with the theme of the novel; a character may say things just so that the reader can be told something”. Ngokuchaza kukaHawthorn ukubunjwa kabalingiswa kunoveli kungahlanganiswa nezenzo zabo noma nokuthile okuxhumene nokwakheka kwaloyomlingiswa kanye nokwakheka kwesihloko sendaba okanye indikimba yendaba. Lokhu kunika umfundi wendaba ithuba lokuthi esheshe eqonde ubunjalo bomlingiswa othile. Ngakhoke lendlela yokubunjwa kwabalingiswa uNyembezi ayisebenzisile ibonisa ikhono elihle kakhulu lokubumba abalingiswa. Ubunjalo bomlingiswa buvezwa indlela akhuluma ngayo kanye nangendlela agqoka ngayo NDEBENKULU Umnumzane Ndebenkulu ungumlingiswa osemqoka kakhulu endabeni. Nguyena uqobo lo okuthiwa yinkinsela yeseMgungundlovu. Uma sifunda indaba sithola ukuthi umnumzane Ndebenkulu wasuka eMgungundlovu waya endaweni esemaphandleni ebizwa ngokuthi iNyanyadu ngenhloso yokusiza abantu ngokubathengisela izinkomo zabo kubelungu ukuze bazothola inzuzo. UMnumzane uNdebenkulu sithola ukuthi wayeluhlaza ngebala, enobuso obulolongekile, umlomo ocijile owawunezinyo elalilikhulu kunamanye, elalivele ngaphandle komlomo. Umnumzane lona ubuye avezwe njengomuntu owayefundile kakhulu nowayedla izambane likapondo. Lokhu kufakazelwa yizimpahla umbhali athi wayezigcoka. Wayegcoka izimpahla ezibukeka
  • 3. zidula kakhulu kusukela ekhanda kuya ezinyaweni. Siyathola futhi ukuthi wayenezimoto,okukhombisayo ukuthi wayedla izambane likapondo. Nendlela wayebhale ngayo incwadi ayeyibhalele uMkhwanazi iyakhombisa ukuthi wayengumuntu ofundile. Uvezwa njengomuntu othanda kakhulu ukuzikhukhumeza belu ngoba uma ekhuluma njalo akakhohlwa ukugcizelela ukuthi yena uyisikwaya futhi ngumuntu ohloniphekile kakhulu, ngisho nabelungu bamhlonipha kabi. “Nyembezi in Inkinsela YaseMgungundlovu uses Ndebenkulu, a flat character, in order to further his plot. Nyembezi designates Ndebenkulu as a rogue in order to explain how rural simple and naive people can be exploited by such unscrupulous persons as Ndebenkulu” Ntuli (1998). Lokhu kufakazelwa yilapho ethi khona “mina Nkosikazi ngazana nabelungu abakhulu. Ngiyabhalelana futhi nabo. Bathi uma bengibhalela bangakulibali mpela mpela ukuba babeke ukuthi isikwaya emva kwegama lami” Nyembezi (1961: 33).Yonke into khulunywa uNdebenkulu kubonisa ukuthi ubhekela abanye abantu phansi, njengoba simthola endabeni esegxeka indawo yaseNyanyadu, abantu bakhona, indawo kanye nendlela abaphila ngayo. UNdebenkulu uvezwe njengomuntu ongenabo ubuntu yize yena eziveza njengomuntu onobuntu, ozimisele ukusiza abantu ukuba bathuthuke, babe nenqubekela phambili empilweni, kepha izenzo zakhe zisivezela ngokusobala ukuthi akusiyena lomuntu aziveza ukuthi unguyena ebantwini. Uziveza njengomuntu onemali futhi owazana nabelungu abakhulu, abasezingeni eliphezulu, kanti futhi olethe usizo kubantu base Nyandunyandu kanti uze ngobugebengu. Umnumzane Ndebenkulu uyindoda ezethembayo futhi enomlomo omnandi, noma ekhuluma amanga akakekho obonayo noma omsolayo ukuthi amanga; yonke into ephuma ngomlomo wakhe ibukeka futhi izwakala iyiqiniso emadlebeni abantu akhuluma kubo. Endabeni sibuye sivezelwe ukuthi uNdebenkulu lona ungumuntu ozethembayo futhi onamaqhinga anzulu okwenza ukuba abantu bamethembe, lokhu sikubona endabeni lapho ehlangene namadoda, ezowazisa ngenhloso yakhe yokuza kulendawo, sithola efundisa uMkhwanazi incwadi athi ivela kumfelokazi owayezibongela kuye njengoba phela emsizile. Yonke into ayikhulumayo uyayigcizelela abuye ayiphindaphinde ngenhloso yokuthi labo akhuluma
  • 4. nabo bamkholwe kulokhu akushoyo, futhi bangakungabazi. Ukukhombisa khona ukuthi ungumuntu ohlezi ecabanga amaqhiinga, siyavezelwa ukuthi uhlale aphotha amadevu akhe, okukhombayo ukuthi usuke ecabanga amaqhinga ngaso sonke isikhathi. UMKHWANAZI UMkhwanazi singasho naye ukuthi ungumlingiswa osemqoka endabeni, njengoba kunguyena obhekane nenkinga kakhulu endabeni. Ungumnumzane wekhaya, ngubaba kaThemba noThoko aphinde abe ngumyeni kaMaNtuli. Uvezwa ngengomnumzane owayeseqinile. Indlela agcoka ngayo ikhombisa ukuthi yindoda ezithandela umsebenzi wezandla, imfuyo yakhe kanye nokulima. Emphakathini aphila kuwo waziwa njengendoda ehloniphekile ethembekile kanye neqotho kunawo wonke amadoda endawo. Lokhu kufakazelwa yikho ukuthi nguyena owabhalelwa incwadi nguNdebenkulu,kunawo onke amadoda endawo. Sibuye sibone nangodaba luka mnumzane Shandu, naye owanela ukuzwa ukuthi uMkhwanazi uyazihambisa izinkomo zakhe naye wavumela phezulu ngezakhe njengoba phela ebona uMkhwanazi enza njalo njengoba phela kungumuntu ababemethemba kakhulu ukuthi uhlezi ethatha izinqumo ezihlakaniphile. Ubuye avezwe njengomuntu ongafuni ukutshelwa futhi onguthathekile nje. Lokhu kubonakala lapho uNdebenkulu ekhuluma ngomkomelo ayezowuthola uma nje engavuma ukuthi uNdebenkulu amthengisele izinkomo zakhe. Umkhwanazi uma ezwa lokhu wavumela phezulu ukunika uNdebenkulu izinkomo zakhe ukuba amuthengisele zona. Indlela uNyembezi athule ngayo uMkhwanazi umenze waba umlingiswa oyisicaba, ngoba evezwa njengomuntu ongaguquki entweni ayishoyo, kwala ngisho eseboniswa. Kusuka indaba iqala ize iyofika emaphethelweni akakaze nangelilodwa ilanga leli aguqule umqondo wakhe. Lokhu kufakazelwa ukuthi waze wacishe walahlekelwa izinkomo zakhe ngakho ukungafuni ukutshelwa. Sibuye sivezelwe ukuthi uMkhwanazi lona wayengafundanga, ugcine kuStd 4 njengoba phela wafundwa ngezinkathi zasendulo lapho kwakufundwa kugcinwe kulawo mabanga aphansi. UMANTULI
  • 5. UMaNtuli ungumlingiswa ongaqondakali ukuthi ungumuntu onjani ngakho ke ngingambeka njengomlingiswa oyindilinga. Ungumuntu ohlale eguquka nje akahlali entweni eyodwa futhi onolaka ngempela. Okumveza njengomuntu ongathembekile. Ungumlingiswa oyiphixixi, ngamanye amazwi uzishaya ngapha nangapha. Sizokhumbula ukuthi mhla kufika incwadi evela kuNdebenkulu ebazisa ngokuthi uzofikela ekhaya kwaMkhwanazi, wayejabule kakhulu ngaleyondaba yokuhanjelwa yisihambi esisezingeni eliphakeme kakhulu; kepha uma sesifikile leso sihambi ekhaya lakhe, indlela ayezizwa ngayo iyashintsha. Kuyavela endabeni ukuthi UMnumzane Ndebenkulu phela wathi uma efika ekhaya lakwaMkhwanazi uye wavelelwa yishwa lokuthi uma ethi uzama ukwehla ekalishini, wavele wawa wadabukelwa impahla yakhe athi iyabiza. Ubese elandisa umaNtuli indlela ayezizwa ngayo ngalesi sehlakalo, njengomama wekhaya. Amazwi akaNdebenkulu amthukuthelisa kakhulu umaNtuli, wahluleka nokuzibamba, waluveza ulaka lwakhe. Lokhu kusekelwa yilawa mazwi acaphunwe endabeni; “uyabona Nkosikazi,”kusho umfokaNdebenkulu ephimisa inhlabathi emlonyeni ezithintitha ijazi nebhulukwe. “Bengisasho-ke Nkosikazi ngithi iyo le nto ebengisayisho endleleni, ngishilo kulendodana yakho ngathi ukube bengazi ngabe ngize ngemoto yami. Angisiye mina umfokazana wokuba ngingakhwezwa izinqola lezi enithi amakalishi, angisiye neze. Ake ubheke lapha senginjani” (Nyembezi 1961; 33)Lawo amanye amazwi acasula umaNtuli nokwamenza ashintshe imizwa yakhe ngesihambi lesi, asibone ngenye indlela manje. Siyathola nokuthi ubengasafuni nokuthi singene emzini wakhe. Ukufika kuka mnumzane Ndebenkulu kwamshintsha ngempela uMaNtuli. Umbhali ubuye asivezele ekuqhubekeni kwendaba ukuthi umaNtuli lona bekasavumelana nemibono wakhe lomlisa bekamthukuthelele kangaka, engafuni lutho ezomhlanganisa naye. Kuthe ezwa elemali eyizizumbulu eyayithenjiswa uNdebenkulu ,uMaNtuli wavele wema nowakwakhe ukuba kuthengiswe izinkomo. Sithi sisabheke lokho, simthola esevumelana noThemba ukuthi uNdebenkulu lona uyisigebengu. Umbhali ubuye asivezele lapho esebhokela izingane zakhe ngolaka ethi azihloniphi ngenxa yalo udaba lokuthi babengamzwisisi kahle uNdebenkulu lona. umaNtuli lona singamveza njengomuntu ukhohliseka kalula futhi ongazazi ofunani nokuthi umephi. Ngenkathi ezwa ngezizumbulu zemali ababezozithola nomyeni wakhe, wavele wavumela phezulu,
  • 6. akabe esafuna lutho oluvela kwindodana yakhe uThemba, wayembona ekhuluma into engekho nje futhi ezama ukubaphazamisa endleleni yabo yempumelelo. Kanti ubuye ajike futhi uma esebona iphepha elifika noThemba. Lokhu kwenza singamqondi kahle ukuthi uyisima kanjani lomlingiswa okusho ukuthi umbaxambili. UTHEMBA UThemba kwakuyingane/izibulo lomnumzane Mkhwanazi nowakwakhe umaNtuli. Wayeyinsiswa eyayiyohlanganisa amashumi amabili eminyaka. Uyingane eyayihlonipha kakhulu futhi emaziyo umuntu omdala kuye. Lokhu kufakazelwa ukuzama ukuhlonipha nokubekezelela uNdebenkulu owayesemcasule kabi ngenkathi eyomhlangabeza esiteshini ngenxa yendlela eyakhuluma ngayo futhi emubukela phansi kanye nendawo yangakubo ngakhona, elokhu emuchoshela ngobukhulu bakhe nangezinto ayenazo. Lomlingiswa naye wayeyithanda kakhulu imfuyo, njengoba phela wakhulela khona lapha emakhaya. uThemba lona ubuye avezwe njengomuntu owayefundile, njengoba phela siyathola ukuthi wayefunda ekholiji futhi nendlela wayegcoka ngayo yayikukhombisa lokho. Ukufunda kwakhe kuyakhombisa ukuthi kwamenza wahlakanipha kakhulu futhi kwamfundisa ukucabanga ngobunzulu nokuhlaziya izinto ngaphambi kokuthatha izinqumo ngento ethile. Lokhu sikubona ngokuthi akazange amthembe uNdebenkulu, izinkulumo zakhe zazivele simsolisa kakhulu uThemba, ukuthi lo muntu kukhona okungahambi kahle ngaye kusukela esaqala ukumbona nje. Kodwa lokho azange kwamenza ukuba amxwaye kepha wathatha isikhathi sakhe wamhlaziya kahle ngaphambi kokuthatha isinqumo ngaye. Lona mlingiswa singamthatha njengomlingiswa oyisicaba, ngoba phela selokho indaba iqalile, akaguquki entweni ayishoyo. Siyavezelwa nokuthi uzama ngakho konke okusemandleni akhe ukuvikela umndeni wakhe, ikakhulukazi abazali bakhe kulesigebengu esingumnumzane Ndebenkulu, okumveza njengomuntu onothando olukhulu futhi owunakekelayo umndeni wakhe. Lokhu sikuthola lapho ezama ukuxwayisa abazali bakhe ngobungozi abubona sengathi buza noNdebenkulu.UThemba ungumlingiswa onobuhlakani, indlela akukhuluma ngayo, ahlaziya ngayo izinto. Kanti nendlela agqoka ngayo umbhali usivezele ukuthi usegqoka amabhulukwe amade lokho kusho ukukhula kwakhe kanye nakho belu ukuhluzeka
  • 7. kwenqondo. Ukubunjwa kwakhe singasho sithi kuyahambelana ncamashi negama lakhe. Siyavezelwa ukuthi nguyena owabuya nephepha elavula umama wakhe umaNtuli amehlo ukuba abone ukuthi uNdebenkulu lona wayengalunganga. Okukhombayo ukuthi wayehlakaniphile kakhulu futhi ekwazi ukuyimela into akholelwa kuyo. Endabeni kusuka ekuqaleni kuya ekuphethweni kwayo yilokhu ezamile enza izaba zokuba abazali bakhe bagcine bekubona ubungozi bokuthemba umuntu ongamazi. Uze ubaphathela iphephandaba ukuba babheme bakholwe ngezigilamkhuba esezikhona.Yize zonke lezo zaba azenzayo zifana nokuthela amazi emhlane wedada kepha ulokhu eqhubekile ngoba ephokophele ukuba abazali bakhe bangalinge bangene kulolutaku, ikakhulu ubaba wakhe osekhomba ukumthandaza uNdebenkulu. Lomlingiswa uyakuveza ukukhathazeka kwakhe okukhulu lapho esebona ukuthi nangu uyise esezolahla umgexo aphisane ngemfuyo yakhe engaka ngento engekho nje. UThemba singabuye simveze njengomutnu okwaziyo ukubekezela, akalilahli neze ithemba, noma izinto zibuxayi kangakanani. Yize wayethatheka kabi kubazali bakhe ngenkathi ezama ukubabonisa ubungozi bukaNdebenkulu, kepha ekugcineni liyavela iqiniso elifakazela kona impela ukuthi elempohlo liziwa muva. Ngendlela uNyembezi abumbe ngayo lomlingiswa, ukuveza kube sobala ukuthi ngesinye isikhathi abazali baye bazixwaye izingane zabo, bazibukele phansi, beye uqobo ngisho zibasindisa ezindleleni ezibaholela ophathe. Lokhu kuyingxenye yesifundo esisitholayo endabeni, ukuthi kubalulekile ukulalela imibono yabanye abantu, akubalulekile ukuba badala noma bancane, bangahle babe usizo olukhulu empilweni yakho. Impela basuke beqinisile uma bethi abantu abayi nganxanye bengemanzi, ngoba ukube wayengekho uThemba ngabe uMkhwanazi wasala dengwane, yeka izinkabi zakhe ezingaka eyeyolahlekelwa yizo. UTHOKO Ungudadewabo kaThemba,indodakazi kaMkhwanazi noMaNtuli. Nakuba engeyena umlingiswa obalulekile kakhulu noma ongagqamanga kulendaba, kodwa ngibone kubalulekile ukuba ngithi qaphuqaphu ngaye ngoba indaba yenzeka noma ithinta kakhulu umndeni wakubo. UThoko kule ndaba uvezwa njengomuntu owayemi ohlangothini lomfowabo njengoba phela wayengahambisani nezenzo zikaNdebenkulu.
  • 8. Singamveza naye njengomliswa owayengakhohliseki kalula ngoba phela nakhu simthola engagculiseki ngenkulumo kaNdebenkulu, yokuthengisa izinkomo zikayise ngaphandle kobufakazi obunzulu. Indlela avezwe ngayo uThoko ngingasho kugcwale umlomo ukuthi uvezwe njengomuntu owayenenhlonipho kakhulu futhi omaziyo umuntu omdala kunaye njengomfowabo uThemba. Lokhu kufakazelwa yikho ukuthi noma esezwa ukuthi uyadinwa amagama kaNdebenkulu eyawasho kumfowabo nomama wakhe, wavele wazithoba nje. Noma iqhubeka indaba kuyavela ukuthi bekubonakala noThemba umfowabo ukuthi kukhona abangakutholisisi kahle ngomnumzane uNdebenkulu, kodwa bebeqhubeka bebonisa inhlonipho kuye, nakuba bengamuthembi futhi bangayijabuleli indlela wayenza ngayo izinto. Umlobi ubuye aveze ukuthi uThoko wayemkhonze kakhulu umama wakhe, kwazise phela wayemuthemba kakhulu, emuhlonipha futhi elalela iziyalelo zakhe. Indlela uThoko unyembezi amubumbe ngayo, iyakuqhakambisa ukuthi ungumuntu okhulele emakhaya, unenhlonipho futhi uyakwenza konke okuthiwa makakwenze ekhaya. Lokhu kungafakazelwa yilapho kuthiwa makaphekele uNdebenkulu yize ubesebacasulile kakhulu ekhaya kodwa ngoba kwakukhulume umzali wakhe, akali lutho. Yize wayembona ukuthi uNdebenkulu lona wayeyisichwensi, kepha ngoba ihlonipha nalapho ingayukwendela khona, wayemenzela konke okufanale ukuba amenzele kona, inkani eyalelwe abazali bakhe ukuba akwenze. ABANYE ABALINGISWA ABASENDABENI Bakhona ke nabanye abalingiswa uNyembezi abasebenzisile ekubhaleni indaba yakhe ukuze ibe yimpumelelo. Abalingiswa abafana noMaShezi, uDiliza, uMpungose kanye noShandu. Laba abanye babalingiswa abavelayo endabeni. Yize bengagqamile kodwa amagama abo ayaphatheka endabeni, okuyinye yezinto eyenze indaba kaNyembezi ibe sezingeni eliphezulu. Ngamanye amazwi ngingasho ngithi laba abalingiswa baseka abalingiswa abakhulu. USHANDU Lomlingiswa uvezwa njengomuntu oyisicaba. Uyashintshashintsha kukho konke akakushoyo. Emhlanganweni wokuqala wayenemibuzo eyaze yenza isigilamkhuba
  • 9. esinguNdebenkulu ukuba sibone ukuthi kunzinyana ukuba angazuza lamadoda eseNyandunyandu ukuba avumelane necebo lakhe. Ekuqaleni kwendaba uvezwa njengomuntu ewayethanda iqiniso futhi othanda izinto zihambe ngomthetho. Siyathola ukuthi ngesikhathi somhlangano, wakhwela edilika kuMkhwanazi emubuza ukuthi ngabe naye sewaba yinkosi yini njengoba ehlele umhlangano ngaphandle kwemvumo yenkosi yaseNyandunyandu. Lokhu wayekusho mayelana nesenzo esingalungile esenziwa ngu-Mkhwanazi, ekubeni eyisithenjwa kangaka nje endaweni; wabiza umhlangano ngaphandle kwemvume yenkosi. Lesisenzo sikaShandu sasikhomba ukuba ungumuntu wamaqiniso kanti futhi ke nemibuzo ayeyibuza kulomhlangano beyikhomba ukuthi akayizwisisi kahle nalento eyayishiwo nguNdebenkulu futhi akahambisani nayo neze. Kodwa ngenxa yokuthanda imali, uShandu ungumlimlingiswa ogcina eselibala ukuthi uNdebenkulu ubabophela amanqina enyathi. Wathi uma ezwa izizumbulu zemali eyekhuluma ngazo uNdebenkulu, wakhohlwa konke, wabe esevumelana naye necebo lakhe. Lokhu kuyakhomba ukuthi wayeyikhonze kakhulu imali lomlingiswa. Kuyiqiniso ngempela ukuthi imali yimpande yesono. UShandu impela ebebukeka njengendoda eqotho, yasemakhaya, ewuhloniphayo kakhulu nomthetho wenkosi. Lokhu kusagqamisa kona ukuthi amadoda asemakhaya lawa asabuqhakambisa ubuntu nenhlonipho. Kodwa siyathola futhi ukuthi ngenxa yokungabi nolwazi kanye nokulingwa yimali nokufuna ukuphila impilo engcono nesezingeni eliphakeme, udela konke ayekholelwa kukho. Singasho ukuthi naye ungumuntu othatheka kalula nje. Kanti ke iqiniso yikho ukuthi iningi labantu lingenza noma yini ngenxa yemali. Ukuba uNdebenkulu akazange agabisele uShandu ngesheke elinezishaqane zezimali ngabe akazange acishe alahlekelwe izinkomo zakhe uMthiya, kepha-ke ngoba imali ayiluthezi olunenkume, walutheka umtaka Mbatha. BUTHELEZI Lomlingiswa singasho ukuthi ungumuntu onobuhlakani kakhulu futhi ongasinguthathekile. Ngaphambi kokwenza izinto noma athathe izinqumo, uqale afunisise kahle. Naye wayenokungabaza okukhulu ngecebo likaNdebenkulu futhi angalinambithisisi kahle. Siyathola ukuthi uyazama ukumxwayisa umnumzane uShandu
  • 10. ngalecebo likaNdebenkulu ukuthi lingaba yingozi. Kwakungavumi neze ukuba ahambise ezakhe izinkomo, kepha alizange limufulathele elakubo ngempela. Nokho naye zazimfikehla zizinhle izindaba zezizumbulu zemali ababezozithola uma bengavumelana nalokho bekuvezwa ngumnumzane uNdebenkulu, kodwa wakwazi ukuzithiba. Ukube uShenge wavumela okwakumufikela naye ngabe wagcina esegcwala amathafa ejaha isigilamkhuba esingu Ndebenkulu njengoShandu noMkhwanazi. Lona ngumlingiswa okholwa ngokubona njengoThomas wasebhayibhelini. Uze udela ubuthongo bakhe ubophela amahhashi akhe naye ulibangisa khona le eThisayidi ukuyozibonela ngawakhe ukuthi ngempela ziyahamba yini izinkomo zalamadoda, njengoba phela wona ayesevumile ukusebenzisana noNdebenkulu lowo. Ukuthatha izinto kancane lokhu kwakhe kwamsiza kakhulu, kwamvikela kulenkinga uMkhwanazi noShandu azithola akuyo. UDILIZA Lomlingiswa ubaluleke kakhulu endabeni. Ungomunye wabantu abadlala indima enkulu kakhulu ukuze phela kugcine kubanjwa lesigilamkhuba esinguNdebenkulu. uNdebenkulu wayemuthatha kancane nje aze amubize ngebhoxongwana kanti usho insizwa uqobo. Naye wayengahambisani neze necebo elivezwe nguNdebenkulu futhi wayengamunthembi lomnumzane. Singasho sithi wayeseka uThemba. Lokhu kufakazelwa phela yindima enkulu kanye neqhaza elibalulekile akalibambile ngokuya kwakhe kuMpungose, begcine beya nakundabezitha ukuba bayobonisana ngalolutaku ukuze kubanjwa leliqili elinguNdebenkulu. UDilizi ulibhoxongwana elibukeleka phansi ngokukaNdebenkulu, kepha wayenobuhlakani ngempela futhi enamacebo ahlakaniphile enza uNdebenkulu lona agcine esebanjiwe, esebenzisana noThemba, uMpungose kanye noButhelezi. ISIPHETHO Abalingiswa yibona bantu ababaluleke kakhulu endabeni nasemidlalweni ehlukene. Ngingasho ngithi ngaphandle kwabalingiswa indaba kungaba into ethule nje engachazi noma engasho lutho. Phela abalingiswa yibona abenza indaba ilandeleke uthi noma uyifunda ube nomdlandla kanye nogcozi wokuqhubeka nayo. Uma ufunda indaba
  • 11. enabalingiswa abanongeke kahle, ufikelwe yimibuzo ehlukahlukene kanye nezithombe enqondweni yakho ngokusuke kwenzeka. Unyembezi ubaveze ngendlela esemgangathweni ophezulu kakhulu abalingiswa enovelini yakhe. Lokhu kufakazelwa ngu Forster 1974:30 uma ethi “The novelist, unlike many of his colleagues, makes up a number of word-masses roughly describing himself ... , gives them names and sex, assigns them plausible gestures ... and perhaps to behave consistently,”.
  • 12. IMITHOMBO YOLWAZI ESETSHENZISIWE Nyembezi, S. (1961). Inkinsela Yasemgungundluvu. Kwazulu Natal: Shuter & Shooters Publishers (Pty) Ltd. Forster, E.M (1974). Aspects Of The Novel And Related Writings. London: William C10wes & Sons Ltd, , Colchester & Beccles. Hawthorn, J. (1987).Studying The Novel An Introduction. London: Edward Arno1d (Publishers) Ltd. Ntuli J.H. (1998). The Conception And Evolution Of Characterization In The Zulu Novel. Kwazulu Natal: Department Of African Languages At The University Of Zululand